Umhlaka-16 Agasti kufanele ube yiholidi - Malema

2017-08-16 18:00

Marikana - Usuku lwangomhlaka-16 Agasti kufanele lube yiholidi lawo wonke umuntu, kusho umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, ngoLwesithathu.

"Lolu suku (16 Agasti) kufanele lube wusuku olubungazwayo eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele, hhayi eMarikana kuphela. Abasebenzi akufanele basebenze ngalolu suku, esikhundleni salokho bazolugubhela la eMarikana," kusho uMalema.

Uthe ngonyaka ophelile, i-EFF yathembisa ngokunikelela ngemali engu-R1 million kwi-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) ukuze kuzokwakhelwa imindeni eyalahlekelwa ngamalungu emindeni kulesi sibhicongo, imizi.

OLUNYE UDABA:URamaphosa uxolisile ngokwenzeka eMarikana

"Sathembisa ukunika i-Amcu imali engu-R1 million, lokho sakwenza kanti futhi sisaqhubeka nokufaka isandla. I-Amcu kufanele yazi ukuthi sibambisene nayo. Uma ifuna ukuphakamisa okuthile ePhalamende, sikhona thina," usho njalo.

UMalema wamukelwe ngenhlokomo eMarikana, kuthe esegibela esiteji kwezwakala abantu bethi "Juju, Juju",eholwa nguSihlalo we-EFF esifundazweni iNorth West, uBetty Diale, uSihlalo kazwelonke we-EFF uDali Mpofu elandela ngemuva.

Ukufika kukaMalema kuphazamise umfundisi obevula uhlelo ngevesi.

"Ngivumeleni ngiqede, uMalema usazoyethula inkulumo yakhe kini," kusho uMfundisi Twala ngesikhathi isixuku simugqiba ngokumemeza sithi "Juju, Juju.

Iqulu livele lachwaza ngesikhathi sekwethulwa uMalema ngokusemthethweni.

Abanye abaholi bezepolitiki abebekhona kubalwa uMmusi Maimane, we-Democratic Alliance (DA), noBantu Holomisa we-United Democratic Movement (UDM). Bekukhona nesikhulu esiphezulu seLonmin, uBen Magara.

Kwabulawa abantu ababalelwa kwabangu-44 ngesikhathi kunesiteleka esinodlame emayini iLonmin eduzane naseRusternburg esifundazweni iNorth West.

Bangu-28 000 abavukuzi baseLonmin ababetelekele ukunyuselwa amaholo, befuna ukuholelwa imali eqala ku-R12 500 ngenyanga.

Ngomhlaka-16 Agasti 2012, amaphoyisa adubula abulala abavukuzi abangu-34. Abantu abangu-10, okubalwa namaphoyisa amabili nonogada ababili baseLonmin, babulawa ngaphambi kwesonto langomhlaka-16 Agasti.



 - African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...