Umfundisi wenyoka uthi unkulunkulu wakhuluma kuye.

2016-06-09 13:32

Pretoria - Umfundisi wodumo lwenyoka uPenuel Mnguni usefunge wagomela ukuthi usazoqhubeka nokushumayela ngemuva kokuba iCRL Commission ithe inkolo uyiphendula inhlekisa.

Lo mfundisi uthi unkulunkulu wakhuluma kuye.

Kwivideo esekhasini le-End Times Disciples Ministries iFacebook ngoLwesithathu uMnguni ubehlezi esihlalweni esi-brown efunda amavesi ephinda egxeka iCommission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities (CRL Commission) ngokuthi uzomumisa.

OLUNYE UDABA: Uxoshiwe umfundisi wenyoka esikoleni

Ikhomishana ikhulume ngemuva kubonakale isithombe ku-Facebook esemotweni eyishayela egandaya abantu ababili ngayo ngaphandle kwaseKameelriver B Stadium eMpumalanga ngoLwesihlanu olwedlule.

"Ululaza inkolo. Sizoya enkantolo siyosho ukuthi uyiphendula ihlaya," kusho inhloko yekhomishana uThoko Mkwanazi-Xaluva etshela iNews24 ngoLwesithathu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...