'Umfundisi weDoom' uthi akunikezwe inkantolo ithuba

2017-01-31 11:31

Johannesburg - Umphrofethi weDoom wabasematheni ngonyaka ophelile ngesikhathi efutha abazalwane bebandla lakhe ngomuthi wokubulala izinambuzane ngenhloso yokubelapha izifo.

NgoMsombuluko (izolo), uLethebo Rabalago, 24, weMount Zion Christian Church uvele ngaphambi kweNkantolo eNkulu yaseLimpopo ngesikhathi eyozama ukuchitha umyalelo wenkantolo owabekwa uNgoqngqoshe woMnyango wezeMpilo, uPhophi Ramathuba.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elikamfundisi weDoom

Okhulumela uRamathuba, uThabiso Teffo, uthe ungqongqoshe akafuni uRabalago afuthe abantu ngeDoom ngoba inobungozi.

"Akahambe ayokwenza lo mkhuba kwenye indawo, hhayi la eLimpopo. Abazalwane abathelwa amachaphazelo nabaquleka baphuthunyiswa ezikhungweni zethu zezempilo."

URabalago ubekhashwa ngamalungu ebandla lakhe abebegqoke izikibha ezifanayo.

Lo mfundisi ekhuluma neDaily Sun uthe, iDoom wayisebenzisa kanye hhayi wonke amasonto.

Lo mphrofethi uphethe ngokuthi: "Akunikezwe inkantolo ithuba lokuba ithathe isinqumo."

URabalago uzobuyela enkantolo ngenyanga ezayo.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...