Umfundisi usolwa ngokufuna ucansi kwabesimame abakhulekelayo

2016-12-28 18:01

eManguzi -UMfundisi Clifford Makhanya webandla laseBusheni Faith Mission eManguzi usolwa ngamalungu ebandla ngokubacela ucansi.

Abesifazane ababili baxhumane nabephephandaba iSolezwe obala bekhala ngezenzo zalo mfundisi oneminyaka engu-34 ubudala.

Bathi lo mfundisi waze wabathembisa umshado ethi induku yakhe inogcobo lukaNkulunkulu ngoba uyabathola nabantwana uma ungenabo.

OLUNYE UDABA:Ungqongqoshe ufuna umfundisi weDoom ahlolwe isimo sengqondo

Omunye walaba besifazane ushadile  kanti omunye akashadile kodwa bobabili bakhala ngenkinga efanayo futhi bathi bafuna ukuxwayisa amanye amalungu ebandla ngalokhu.

Omunye walaba uthi ubengumholi wentsha ebandleni futhi wayexhumana kakhulu nomfundisi uma ebhekana nezinkinga angakwazi ukuzixazulula.

"Ngelinye ilanga ngiye kuye ngicela ukuba angikhulekile ngifuna ukuthola umsebenzi njengoba kade ngaphothula iziqu zami kodwa umsebenzi angiwutholi.

"Waqale qathi asikhuleke ngemuva kwalokho wangitshela ukuthi unezinkinga emshadweni wakhe ngenxa yokuthi wathola unkosikazi ongakhethwanga uNkulunkulu.

"Ngadobeka ngagcina sengimthanda ngoba ethe umatasa nesehlukaniso," kuchaza lo wesimame.

Ngesikhathi uMakhanya ethintwa ngalolu daba, uvumile ukuthi isigungu esiphezulu sebandla simumisile.

Ubuye wagxeka ipolitiki ebandleni kanye nenzondo ngaphakathi ngoba kukhona abafuna ukumcekela phansi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...