Umfundisi usebenzise iDoom 'ukukhipha abazalawane amadimoni'

2016-11-21 11:30

Johannesburg - Ushaqise iningi umphrofethi waseLimpopo ngokusebenzisa isifutho sokubulala izinambuzane, iDoom, 'ukukhipha amadimoni' kubazalwane bakhe.

Umphrofethi uLethebo usebenzise umuthi wokubulala izinambuzane iDoom kwinkonzo yomthandazo eMookgopong.

"IDoom yigama nje, kodwa uma usukhulumile, wayithandazela iphenduka umuthi wokwelapha," kufundeka umbhalo obhalwe ekhasini lebandla iMount Zion General Assembly (MZGA) elisenkundleni yezokuxhumana iFacebook.

OLUNYE UDABA: 'Abefundisi basabise ngokungibulala'

Izithombe esezisabalale ezinkundleni zokuxhumana sezidale udweshu zabuyisa ezinye izigemegeme ezenziwa ngabanye abefundisi abake benza abazalwane badle utshani, izinyoka, amagundane baphinde baphuze uphethiloli.

ICommission for Promotions and Protection of the Rights of Religious‚ Cultural and Linguistic Communities (CRL) ibingakaphawuli ngalolu daba.

Isikhulumi se-CRL uRichard Mkhonto sithe sizokhipha isitatimende.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...