Umfundisi ongumsolwa ufike enkantolo ehamba 'nengelosi enolaka'

2017-04-11 14:02

Bloemfontein – Umfundisi Jannie Bezuidenhout we-NG Church e-Afrika ubehamba ‘nengelosi enolaka’ ngesikhathi evele eNkantolo yesiFunda eBloemfontein ngoMsombuluko, ngecala lokwebela ibandla imali elinganiselwa ku-R1.7m.

"Ngizokushaya ngempama," kusho owesilisa koweNetwerk24 ngaphambi kokuba yena noBezuidenhout bahambe nelinye iqulu labesilisa.

Nasenkantolo phakathi, lona wesilisa ubefuna ukwazi kwiNetwerk24 ukuthi kungani ibhala ngoBezuidenhout kuphela, hhayi ngabanye abasolwa abevele nabo enkantolo.

OLUNEY UDABA: Owe-MKMVA ukhathazekile ngokushiwo uMbeki

Icala elibhekene noBezuidenhout, 41, wakuLeslie Street eBainsvlei, ngaphandle kwaseBloemfontein, lihlehliselwe uJuni, nokuyilapho kulindeleke khona ukuba abuzwe ukuthi uyalivuma yini noma cha icala.

UBezuidenhout ubhekene namacala angu-700 okweba.

Usolwa ngokufaka imali yebandla kwi-akhawunti yakhe phakathi kukaFebhuari 2010 kuya ku-Okthoba 2015.

Imali enkulu okuthiwa wayifaka ebhange lakhe ngesikhathi esisodwa kwakungu-R300 000.

Kuthiwa uwavumile amacala akhe wathi uyazisola kakhulu ngesenzo sakhe.

- Netwerk24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 9-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...