Umfundisi ecaleni lokudlwengula intombazane ephazamiseke ngokomqondo

2017-05-12 09:16

Lilongwe – Umfundisi waseMalawia oneminyaka engu-52 ubudala uboshiwe ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala ephazamiseke ngokomqondo, eyangena emzini wakhe iyocela amanzi, ngokusho kombiko.

Ngokombiko weMalawi24, UMfundisi Juwao Antoniyo we-United of God Church kuthiwa udlwengule intombazane, elingadalulwanga igama layo, eGaleta Village ngoLwesihlanu olwedlule.

Amaphoyisa athi intombazane ibihamba nodadewabo beya lapho kugaywa khona impuphu. Kodwa udadewabo ube eseyekelela isisulu ukuba sihambe sodwa siye ekheya ngesikhathi yena esayovakashela umngani.

OLUNYE UDABA: UTrump uzoqhubeka nokuxhasa iZimbabwe

Isibuyela ekhaya, intombazane ingene emzini kamfundisi yacela ukuphuza amanzi. Itshelwe ukuba ingene endlini, izowathola khona amanzi.

Umbiko uthi ngesikhathi intombazane isisendlini, umfundisi ube eseyidlwengula.

Ngokuhamba kwesikhathi intombazane ibikele umama wayo, yena obikele amaphoyisa.

Umbiko wasesibhedlela ukuqinisekisile ukuthi intombazane idlwenguliwe, ngokusho kweNyasa Times.

Umfundisi kulindeleke avele enkantolo maduzane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...