Umfundi ugwaze omunye washona bexabana

2018-02-23 19:32

Johannesburg - Umfundi oneminyaka engu-18 ubudala uvele enkantolo yaseLimpopo ngezinsolo zokugwaza uzakwabo, oshonele emagcekeni esibhedlela, kusho amaphoyisa esifundazwe.

"Kusolakala ukuthi la bafundi bebexabana ekilasini bagcina ngokukhiphelana imimese, kwagwazwa omunye washona," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Moatshe Ngoepe.

"Lo mfundi oneminyaka engu-18 ubudala uhlonzwe njengoshonile ngesikhathi efika esibhedlela."

OLUNYE UDABA: Umfundi ka-grade 8 'ugwaze wabulala' uthisha emsola ngokumfeyilisa

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseSenwabarwana ngoLwesine wabe esebekwa icala lokubulala.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-2 Mashi lapho ezofaka khona ngokusemthethweni isicelo sebheyili kanti amaphoyisa wona asaqhubeka nophenyo.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor General Jan Scheepers uthe abazali nabantu abaqapha izingane kumele baqikelele ekutheni izingane uma ziya esikoleni ziphuma emakhaya zingaziphethe izikhali.

"Izikole zithathwa njengendawo ephephile nevikelekile yokuvumela ukufunda ngaphandle kwezenzo zodlame nobugebengu," esho.


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sprinkles late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...