Umfundi 'ugwaze' indoda ephuma ukuyobhala esikoleni

2017-11-15 14:03

Johannesburg - Umfundi wesikole iMiddelburg Combined usolwa ngokugwaza indoda yase-EXT 24 eMiddleburg, eMpumalanga, ngemuva kwemizuzwana eqede ukubhala izivivinyo zakhe zokuphela konyaka, kubika iMiddelburg Observer.

Isigameko senzeke ngaphandle kwamagceke esikole eNasaret.

UGareth Brown, ongiSihlalo webhodi elengamele isikole, uqinisekise ukuthi isikole sesiqalise uphenyo ngalolu daba.

"Lo mfundi, igama lakhe eligodliwe, usasesikoleni futhi njengamanje usabhala izivivinyo zakhe zokuphela konyaka," kusho uBrown.

OLUNYE UDABA:Umfundi, 15, ugwaze omunye ngo-okapi

"Siyazi ngesigameko sokugwaza. Uthishanhloko uyaluphenya udaba kanjalo nembangela eholele kulesi sigameko. Singakuqinisekisa nokuthi isigameko asenzekanga emagcekeni esikole.

"Uma sekuphothulwe uphenyo, udaba luzodluliselwa kwikomidi eliqondisa izigwegwe ngaphambi kokuba kuthathwe ezinye izinyathelo. Okwamanje umfundi usasesikoleni ubhala izivivnyo zakhe zokuphela konyaka."

Isisulu sithole inxeba lokugwazwa, saphuthunyiswa esibhedlea eMiddelburg. Ngemuva kwesikhashana sadluliselwa esibhedlela iWitbank Provincial.

Amaphoyisa aseMiddelburg athe bekungakabikwa lutho kuwo kulandela ukwenzeka kwalesi sigameko.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...