Umfundi ugwaze abanye abathathu emagcekeni esikole

2018-02-28 18:00

Cape Town - Abafundi abathathu bagwazwe ngomunye umfundi esigamekweni okusolwa ukuthi sihlobene nezimpi zabamaqembu ezigebengu e-Atlantis.

Isigameko senzeke emagcekeni ase-Atlantis Secondary School ngoLwesibili.

Bonke abafundi abathathu bagwazwe emhlane.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala owesimame ehostela laKwaMashu

Okhulumela uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo uJessica Shelver uthi izisulu zisesimeni esethembisayo esibhedlela.

“Umfundi oyedwa owenza u-grade 11 kanye nababili abenza u-grade 12 kuthiwa bagwazwe ngomunye umfundi owenza u-grade 12 e-Atlantis Secondary School ngoLwesibili.

“Uthishanhloko ubike ukuthi ngaphambi kwekhefu lokuqala kubenokuqhuma kwesibhamu ngemuva kwesikole. Ngaso leso sikhathi umfundi owenza u-grade 12 kuthiwa uhlasele wagwaza abafundi abathathu khona esikoleni.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...