Umfundi kaGrade 2 ufike esikoleni nesibhamu esinezinhlamvu

2017-09-28 16:00

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi ubhale enkundleni yezokuxhumana ngodaba lomfundi ofike ephethe isibhamu esikoleni.

Kuthiwa lo mfundi wenza uGrade 2 esikoleni esiseBrakpan, e-East Rand.

ULesufi uphinde waveza ne-email ayithumele kuMqondisi Jikelele echaza ukuthi ingane ifike nesibhamu esikoleni ngenhloso yokudubula omunye umfundi ebixabene naye.

OLUNYE UDABA:Umfundi 'uxoshelwe' ukubiza uthisha ngomnakwabo

Akucacile kahle ukuthi ngubani obhale le ncwadi nokuthi ngubani uMqondisi Jikelele.

Kuthiwa isibhamu sithathiwe enganeni yabe isihanjiswa esiteshini samaphoyisa lapho kufike kwavulwa khona icala.

Kuthiwa ubaba wengane ubizelwe esikoleni nokuyilapho azihlangule khona wathi isibhamu akusona esakhe.

Amaphoyisa awakwazanga ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ethintwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...