Umfundi ka-grade 8 'ugwaze wabulala' uthisha emsola ngokumfeyilisa

2018-01-16 12:29

Johannesburg – Umfundi owenza u-grade 8 uthweswe icala lokubulala ngemuva kwezinsolo zokuthi ugwaze wabulala uthisha emsolwa ngokumfeyilisa.

Umfundi oneminyaka engu-15 ubudala kuthiwa uqonde emzini kathisha ekuseni ngoMgqibelo, wabulala wonke amawindi ngamatshe.

Kuthe uma uKingston Vhiya, ofundisa eBosele Middle School eManyeding Village ngaseKuruman, eNorthern Cape, ephumela ngaphandle, umfana kuthiwa umshaye ngetshe esifubeni ngaphambi kokuba amgwaze ambulale.

Umngani kathisha, onenaye ngesikhathi sesigameko, umufi,42, ugwazwe ngesikhathi ephumela ngaphandle eyozama ukukhuluma nomfana.

“Umfana ubejikijela ngamatshe, ebulala amawindi endlu. Ubesola uKingston ngokumfeyilisa esikoleni. UKingston umtshele ukuthi akangasoli yena ngokufeyila kwakhe kodwa akakhulume nabo bonke abanye othisha abamfundisayo.”

OLUNYE UDABA: Ligwetshwe 10 weminyaka iphoyisa elabulala intombazane embhikishweni

Uthi uzamile ukuvimba umngani wakhe ukuba angaphumeli gaphandle ngoba obenokwasabela ukuthi lo mfundi angase enze okuthize.

UVhiya, waseMasvingo eZimbabwe, uqale ukufundisa kulesi sikole ngonyaka odlule.

Okhulumela amaphoyisa aseNorthern Cape uLieutenant-Colonel Dimakatso Mooi usiqinisekisile isigameko, wathi uVhiya ugwazwe ngesikhali esicijile.

Uthe umfundi kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eMothibistad ngecala lokubulala namhlanje.

Uphenyo luyaqhubeka ngokusho kukaMooi.

- The Star

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...