Umfelokazi kaNcwane nohlelo lukamabonakude

2017-05-11 14:02

Johannesburg - Umfelokazi womculi weGospel ongasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane, u-Ayanda, umemezele ukuthi uzokwethula uhlelo olusha lukamabonakude.

Isihloko salolu hlelo eluzokwethulwa ngu-Ayanda sithi; Tea, Talk and Tissues with Ayanda Ncwane.

OLUNYE UDABA: UmkaNcwane ugonyuluke emsakazweni okokuqala ngqa

Lolu hlelo luzodlala esiteshini sakumabonakude esikwi-internet iRite Vac TV kanti luzoqala ukubonakala ngoJuni.

U-Ayanda uzohlala phansi nabantu besifazane adingide izinkinga ababhekana nazo nobuhlungu asebedlule kubo nokuthi badlula kanjani kubo.

U-Ayanda umemezele lezi zindaba ezinhle enkundleni yezokuxhumana i-Intsagram ngokufaka i-video.

ISIMEMEZELO:

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...