Umfanyana, 5, uvaleleke emayini engasasebenzi kusukela ngoMgqibelo

2017-02-27 14:01

Johannesburg – Namanje isimo asikakaphephi ukuthi sekungatakulwa umfanyana oneminyaka emihlanu ubudala ophonseke emgodini wemayini ovulekile eWitfield, e-East Rand, ngempelasonto, kusho abezimo eziphuthumayo eKurhuleni.

“Namhlanje sizonquma ukuthi yiziphi izindlela esingazisebenzisa ukutakula umntwana. Siyaxoxisana futhi namalungu omphakathi,” kusho okhulumela abakwa-EMS, uVincent Khoza.

Abakwa-Rescue South Africa baye balekelela ekutakulweni kwalo mfanyana, kodwa-ke umhlaba oseduze nalo mgodi ubunokukhulu ukungazinzi nokuholele ekutheni kumiswe imizamo yokutakulwa kwalo mfanyana ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:Iyaqhubeka imizamo yokuthungatha umvukuzi ovaleleke emgodini

Lo mfanyana uphonseke kule mayini phakathi kuka-12:00 kanye no-13:00 ngoMgqibelo.

“Ngesikhathi siya kumama wakhe, uthe uphume eyodlala. Omunye wabangani bakhe usitshele ukuthi uphonseke emgodini wemayini,” kusho uKhoza.

Abahlali bakule ndawo yibona ababikele abezimo eziphuthumayo.

NgoMgqibelo, amalungu omphakathi avuke umbhejazane maqede ashisa amaloli amabili, ngoba edinwa ukuthi abezimo eziphuthumayo bebehluleka ukukhipha ingane,” kusho okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni, uLieutenant Colonel Kobeli Mokheseng.

La bahlali bashise amathayi baphinde bavala nomgwaqo ngamatshe. Abekho abasaboshiwe ngalesi sigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...