Umfana,14, usolwa ngokubulala umakhelwane ngenxa kaR100

2017-07-07 19:29

Cape Town – Usagqunywe ezitokisini umfana oneminyaka engu-14 ubudala osolwa ngokubulala kukamakhelwane wakubo.

Kulindeleke ukuthi lo mfana avele phambi kweMantshi yaseWynberg ngecala lokubulala isalukazi esineminyaka engu-63 ubudala ngenxa ka-R100.

Lo mfana ogama lakhe lingeke lidalulwe ngoba usemncane usolwa ngokubulala u-Ursula Hugo, 63, ekhaya lakhe eHanover Park, owatholakala edindilizile ngoMashi.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa ubeyisigebengu umfana onqunywe ikhanda eMlazi - Umbiko

Lo mfana akakwazanga ukuvela enkantolo ngoba idokodo lakhe belingathunyelwange enkantolo kanti ubelokhu egqunywe ezitokisini.

Yize kunjalo izihlobo zikamufi zikuqinisekisile ukuboshwa kwakhe nokuthi ulivumile icala lokubulala who was found dead in her home in March.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba imininingwano yalo ibucayi kakhulu, kubika i-Daily Voice.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...