Umfana,13, ezinsolweni zokudlwengula intombazanyana,6

2017-12-12 19:15

Cape Town – Umphakathi waseMitchells Plain uvutha ungabaselwe ngemuva kwezinsolo zokudlwengulwa kwentombazanyana eneminyaka eyisithupha ubudala.

Izinsolo zithi intombazanyana idlwengulwe ngumfana oneminyaka engu-13 ubudala.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi enza uphenyo ngesigameko.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa

Izakhamuzi zaseTafelsig zingene emgwaqeni ngoMsombuluko, zawuvala ngamathayi avuthayo zaphinde zajikijela ngamatshe ziveza ukudinwa kwazo ngesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk uthe: “Ngenxa yobucayi bezinsolo, ngeke sakwazi ukuphawula ngesigameko.

“Kodwa singakuqinisekisa ukuthi uphenyo luyaqhubeka.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...