Umfana, 9, uzibulalele esikoleni

2017-09-02 15:11

Mpumalanga – Ithimba lodokotela bezengqondo lizohambela isikole saseMpumalanga ngoMsombuluko kulandela ukuthi umfundi oneminyaka engu-9 ubudala kusolakala ukuthi uzibulele.

Kuthiwa le ngane izibulale ngokuthi izilengise kuzwingi eKhulamlambo Primary School.

UJasper Zwane, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uthe othisha yibo ababone le ngane ilenga ngebhande kulo zwingi ngabo-13:20 ngoLwesihlanu.

"Akekho umuntu oke acabange ukuthi into enjengale ingenzeka emagcekeni esikole,” kusho lowo oyibamba likaNgqongqohe wezeMfundo esifundazweni uSasekani Manzini. 

OLUNYE UDABA: Uzibulele umfundi ofeyilile

“UMnyango uzoqala uphenyo ukuze kutholakale imbangela eholele kulesi sigameko.”

Le ngane ibifunda uGrade 2 kulesi sikole.

UZwane uthe izikhulu zoMnyango zihambele lesi sikole kanye nomndeni walo mfundi ngemuva kwalesi sigameko.

Uphethe ngokuthi odokotela bezengqondo bazothunyelelwa kulesi sikole ukuze kwelulekwe labo abathintekayo ngokushona kwalo mfana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...