Umfana, 16, udutshulwe ekhanda embhikishweni

2017-05-19 16:02

Johannesburg - Kudutshulwe umfana, 16, ekhanda kwalimala omunye embhikishweni oseStanderton eduzane nase-Ermelo eMpumalanga.

Kusolwa ukuthi amaphoyisa adubulile ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho ukuhlakaza iqulu.

Lo mfana ubengomunye wababhikishi abebemashela emahhovisi aMasipala waseLekwa, bewusola ngenkohlakalo okuyikho okubambezela ukuthi kuqhubeke umsebenzi wezidingo zomphakathi.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umfana,7, kubanjwa iloli yezinkwa

Imigwaqo ibivalwe ngamatshe, imfucuza namathayi avuthayo ngesikhathi izakhamuzi zibhekene ngqo namaphoyisa.

Umholi womphakathi uZweli Sibeko uthe lo mfana uhlonzwe njengoshonile engena ngomnyango wasesibhedlela.

"Amaphoyisa yiwo aqale ukusidubula sabaleka sazephula. Elinye iphoyisa lidubule umfana ekhanda. Uphuthunyiswe esibhedlela, sabe sesibona omunye edindilize phansi."

Amaphoyisa kulindeleke ukuba aphenye ukuthi kwenzekeni.

- EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-20°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-17°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...