Umfana, 12, ugwazwe amanxeba angu-33 edlala ibhola epaki

2017-07-13 09:31

Cape Town – Umfana oneminyaka engu-12 ubudala ugwazwe amanxeba angu-33 ngesikhali esicijile epaki eliseGoodwood, eKapa, ngoLwesibili.

Kuthiwa lo mfana uhlaselwe yindoda phakathi kuka-11:30 no-12:00 kuPaarl Street, kubika iNetwerk24.

UGenevieve Whitaker uthi indodana yakhe uRonan nabangani bayo abane bebedlala ibhola epaki eduzane nalapho behlala khona, “njengejwayelo”.

Ngokusho kwezinye izingane, owesilisa ongaziwa ubelokhu ezibuka zidlala. Kuthe kusenjalo waqonda ngqo kuRonan wambuza ukuthi ungubani igama lakhe.

Ngemuva kokumbuza igama lakhe,ube eseyamkheqa wabe eseqala lapho wamgwaza. UWhitaker ubesemsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Uthi enye yezingane zakhe yiyo efonele umfowabo omdala, uDeon, 19.

Uthi akayazi imbangela yokugwazwa kukaRonan ngale ndlela. Lo mfana ube esengeniswa esibhedlela elimele kabi wabe eseyahlinzwa ngoLwesibili ebusuku.

UWhitaker uthi akazi noma uRonan uzophinde akwazi yini ukusebenzisa izandla zakhe njengenjwayelo, okuyizona ezilimale kanzima ngesikhathi ehlaselwa.

Okhulumela amaphoyisa aseGoodwood uCaptain Wayne Theunnis usiqinisekisile lesi sigameko, wathi owesilisa, 31, uboshiwe kanti uzovela enkantolo ngoLwesine.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...