Umfana, 10, uthole amanxeba amabi kulandela ukusha

2017-09-14 07:00

Johannesburg - Iphuthunyiswe esibhedlela saseGoli ngendiza enophephela emhlane ingane yomfana eneminyaka engu-10 ubudala kulandela ukuthola amanxeba amabi okusha eLydenburg, eMpumalanga.

Ngokusho kuka-Andre Denneyschen weNetcare911, le ngane kusolwa ukuthi ishiswe ngamanzi abilawyo yathola amanxeba ahlasimulisa umzimba, kubika iSteelburger News.

"Ngokwemininingwane, le ngane ishiswe amanzi abeseketeleni, kodwa uma ubuka amanxeba okusha, kungenzeka ukuthi bekungamanzi abebiliswe ngebhodwe."

OLUNYE UDABA: Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza owesithuthuthu

Le ngane iphuthunyiswe emtholampilo ukuze ithole usizo lwezempilo.

UDenneyschen ubiziwe wayalelwa ukuba ahlelele le ngane ukuba iphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Odokotela nabosizo lokuqala, iNetcare 911, baxilonge le ngane ngaphambi kokuyifaka endizeni.

Iphuthunyiswe esibhedlela iGarden City, eGoli, iyolashwa khona.




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...