Umfana, 10, ubulale inkawu ebidla imifino kamalume wakhe

2017-12-15 12:33

Johannesburg - Umfana oneminyaka engu-10 ubudala uvuke ngoLwesithathu ekuseni eyogada ingadi kamalume wakhe.

Umalume kaThobelani Mkhize utshale imifino eRidgeview, eThekwini, KwaZulu-Natal, kodwa inkawu ibilokhu izitika ngamathanga avuthiwe.

Kwamcika kakhulu uThobelani lokhu wagcina eseyishaye ngetshe ekhanda yafa ujuqu.

Umalume wakhe uSandile Zulu, 36, utshele iDaily Sun ukuthi ujabulile ngokwenziwe nguThobelani njengoba emsize kakhulu ngalesi silwane ebesimhlupha.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane edutshulwe ifaniswa nenkawu

"Ngazama ukusixosha ngaphinde ngayibiyela ingadi yami kodwa besisaqhubeka seba izitshalo zami.

"Ngingumlimi kanti izitshalo zami yizo ezingingenisela imali. Ngitshala imifino efana namathanga, namaklabishi. Kunezinkawu eziningi la, kodwa le ehluphayo bengiyibona ngebala elikhulu elimnyama emhlane."

Okhulumela abakwa-SPCA uBongani Mthembu uxwayise izakhamuzi ngokuthi zingabi nesihluku ezilwaneni zihloniphe amalungelo azo.

"Isihluku ezilwaneni asifuneki," usho njalo. "Njengazo zonke ezinye izilwane, umthetho uyazivikela."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...