'Umengameli Zuma yisela elikhulu kunawo wonke'

2016-12-13 10:03

Cape Town – UMengameli weNational Union of  Metalworkers (Numsa), u-Andrew Chirwa, ukholelwa ukuthi uJacob Zuma unuka sankohlakalo futhi kumele avalelwe ejele.

UChirwa uphinde waxwayisa i-ANC ngokuthi maduzane izoba umlando.

Lo mholi wenyunyana enkulukazi yabasebenzi ubekhuluma engqungqutheleni yayo ebanjelwe eKapa, okungeyokuqala selokhu yaxoshwa ngaphansi kweCosatu ngo-2014.

OLUNYE UDABA: Ubevele enkantolo umfundisi osolwa ngokudlwengula

INumsa iphinde yakubeka kwacaca ukuthi ayihambisani nokuba uCyril Ramaphosa abengumengameli ozothatha izintambo ngemuva kukaZuma, njengokwesifiso seCosatu.

"URamaphosa uyisikhulu esiphezulu sezamandla nezokumbiwa phansi kanye nezezimali. Sibhekene nale nkinga ngenxa yokuthi i-ANC ayifunanga ukubhidliza umcebo wabamhlophe,” kusho unobhala jikelele u-Irvin Jim.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...