UMengameli Zuma uzwakalise ukudabuka ngokusishiya kwaMalinga

2017-12-27 07:11

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma ujoyine ezinye izakhamizi zakuleli ngoLwesibili ezwakalisa ukudabuka kwakhe ngokudlula emhlabeni kwesinkakha womculi uRobbie Malinga.

UMalinga, 47, ushone ngosuku lukaKhisimusi ngemuva kokuxinwa wukugula, enesifo i-anaemia.

OLUNYE UDABA:"Umkami usemncane kabi ukuthi angashiywa wumyeni wakhe, ngizoqinisela," uRobbie Malinga

"Sibuhlungu ngokulahlekelwa ngomunye wabakuleli abanenkhono elihle kangaka. Impela iNingizimu Afrika igqemeke esingeqiwa ntwala emculweni. Sikanye nawo umndeni wakhe kulesi sikhathi esinzima kangaka. Alale ngokuthula," kusho uZuma.



– African News Agency (ANA)

    

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...