UMengameli Zuma uzohambela umngcwabo ka-Ontlametse Phalatse

2017-04-21 07:00

Pretoria – UMengemeli Jacob Zuma kulindeleke ukuba ahambele umngcwabo ka-Ontlametse Phalatse obephila nesifo iProgeria, okuyisifo esingajwayelekile esenza ukuthi umuntu aguge ngokushesha.

"UMengameli Jacob Zuma uzohambela umngcwabo kaPhalatse obengomunye wabantu ababili eNingizimu Afrika abaphila nalesi sifo," kusho ihovisi likamengameli esitatimendeni ngoLwesine.

Lesi sifo, iProgeria, siphinde saziwe ngokuthi yiHutchson-Gilford progeria syndrome.

OLUNYE UDABA: #ZumaBirthday: BUKA uZuma ubethengele u-Ontlametse unyanyavu lwemoto

UPhalatse, 18, udlule emhlabeni ngoLwesibili olwedlule esibhedlela iDr George Mikhari Academic eGa-Rankuwa ngemuva kokuba nenkinga yokuphefumula.

Odokotela bakaPhalatse babeqagule ukuthi angeke aze ayihlanganise iminyaka engu-14 ubudala ephila kodwa ngomhlaka-25 Mashi uhlanganise iminyaka engu-18 edla enhlamvana ngemuva kokuphothula umatikuletsheni.

Isifiso sakhe bekuwukubona umndeni wakhe uhlala emzini osile futhi unemoto.

Ngesikhathi uMengameli uZuma egubha iminyaka engu-75 ubudala ngesonto eledlule unikeze umndeni kaPhalatse imoto njengesipho.

Ngenyanga ephelile uMengameli wafeza isifiso sikaPhalatse sokubonana naye ngosuku lwakhe lokuzalwa ayehlanganisa kulo iminyaka engu-18 ubudala.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...