UMengameli Zuma uthi akaqondi ukuthi kujahwephi kangaka

2018-02-14 16:01

Durban - UMengameli Jacob Zuma usekhulume okokuqala ngqa engxoxweni abe nayo ne-SABC, kulandela izigigaba eziholele ekutheni i-ANC imyalele ukuba ashenxe emandleni.

UMengameli Zuma uthi kuyaxaka ukuthi i-ANC ithi akehle esikhundleni kepha iyehluleka ukumtshela ukuthi yini le engaka ayonile.

"Ngenzeni?" kubuza uZuma.

Uqhuba ngokuthi uma kungukuthi kukhona akwenzile, kungani pho kungalandelwa imigudu ekhona ngaphakathi kuKhongolose.

"Cha, angizange ngiyishaye indiva imiyalelo yenhlangano. Sekube nezinto eziningi ezenzekile nezikhulunyiwe. Mina bengingakalitholi ithuba lokuziphendulela ngenxa yokuthi ngikholelwa ekutheni izinto kumele zenzeke ngendlela ethize, hhayi ziphume kwabezindaba," esho.

Uthi waluphakamisa lolu daba kwiTop 6 ngaphambilini, esho ukuthi ngo-2017 abemaningi amaphimbo athi kumele ashenxe esikhundleni, kepha "akekho noyedwa ophumela obala ngokuthi yini le embi kangaka engiyenzile".

OLUNYE UDABA: I-ANC ifuna ukukhipha uZuma, bese ikhetha umengameli omusha kusasa

UMengameli uphikile ukuthi izwe lilawulwa yizinhlaka ezimbili ezehlukene. "Kuba nezinyanga ezingu-18 eziba khona ezisalela umengameli okade ephethe ukuba aqede ihlandla lakhe leminyaka emihlanu ngemuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi," esho.

Uthe leso sikhathi sisetshenziselwa ukuthi umengameli omdala aqale izinhlelo zokunikezela ngamandla, kuthi lo omusha alungiselele ukhetho olulandelayo.

Uthe ngeke asule esikhundleni ngoba iTop 6 isinqabile isiphakamiso sakhe sokunikezwa izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba ashenxe.

UZuma uphethe ngokuthi laba abathi akaphume esikhundleni bazozisola. Uthi akaqondi ukuthi yini le ejahiwe kangaka, njengoba yena esazimisele ngezinye izingxoxo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...