UMengameli Zuma usefikile eZimbabwe

2016-11-03 13:30

Pretoria – UMengameli wezwe, uJacob Zuma, usethelekile eHarare, ezweni laseZimbabwe, njengoba ezoba ngomunye wosihlalo wokuhlala kokuqala kwe-South Africa-Zimbabwe Bi-National Commission (BNC).

Umengameli Zuma kanye noMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, kulindeleke ukuba basebenzise leli thuba leBNC ukuze baqinise ukusebenzisana kanye nokubambisana phakathi kwala mazwe womabili.

OLUNYE UDABA: Abanye abalali bengikhafula ubusuku nemini – Zuma

Lapha kubalwa ezohwebo, ezokutshalwa kwezimali, izimayini, ezamanzi, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ezokuthutha ezokuxhumana kanye neminye imikhakha.

Ngaphezu kwalokho iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe amakhulu kakhulu emnothweni waseZimbabwe njengoba kunenqwaba yezinkampani zaseNingizimu Afrika ezizinze eZimbabwe.

UZuma uhambisana nethimba lo ngqongqoshe abahlukene okubalwa kubo, uNgqongqoshe wezokuXhumana namazwe angaPhandle, uNkoana-Mashabane; uNgqongqoshe wezokuVikela, uNosiviwe Mapisa-Nqakula; uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uRob Davies; uNgqongqoshe wezaseKhaya, uMalusi Gigaba; uNgqongqoshe wezokuThutha, uDipuo Peters;  kanye noNgqongqoshe wezamiSebenzi, uMildred Oliphant.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...