UMengameli Zuma uphikise isinqumo ngolweState Capture

2017-12-22 14:00

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma usephikise isinqumo seNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng mayelana nodaba lweState capture.

NgoLwesithathu olwedlule, ngomhlaka-13 Disemba, amajaji enkantolo avumelana ngokuthi isicelo esafakwa nguZuma mayelana nokuthi kubuyekezwe izincomo ezenziwa yilowo owayenguMvikeli woMphakathi uThli Madonsela mayelana nodaba lokubanjwa koMbuso ngobhongwane, sasingafanele futhi sasibudedengu.

UZuma wayefuna ukuthi inkantolo ibeke eceleni izincomo zikaMadonsela kumbiko weState of Capture ezaveza ukuthi iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng kumele kube yiyo ezoqoka ijaji elizoba ngusihlalo wekhomishini yophenyo mayelana nalolu daba.

Inkantolo yaphinde yathola ukuthi uZuma kumele akhokhele izindleko zecala ngemali ezophuma ephaketheni lakhe, hhayi eyabakhokhi bentela.

OLUNYE UDABA: Inkantolo inqume ukuba uZuma abhekane namacala

UMengameli wafaka isicelo enkantolo sokuba kubuyekezwe izigaba ezimbalwa zalo mbiko.

UMvikeli woMphakathi wenza lolu phenyo ngemuva kokuba ethole izikhalazo ezimbalwa mayelana nenqubo engaqondakali yokuqokwa koNgqongqoshe abathile.

UMcebisi Jonas owayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali wacela ukuba kwenziwe uphenyo ngemuva kokuba ethi wabizelwa emzini womndeni wakwaGupta lapho atshelwa khona ukuthi uzonikezwa isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezeziMali, ngaleso sikhathi uNgqongqoshe kwakunguNhlanhla Nene.

UJonas uthi kulo mhlangano kwakukhona nendodana kaZuma, uDududzani.

Esinye isicelo sokuba kuphenywe senziwa ngumholi we-DA uuMmusi Maimane lapho acela khona uMvikeli woMphakathi ukuba aphenye ngobudlelwano bukaZuma nalo mndeni oyizinjinga.

Amajaji aveza ukuthi amandla kaMvikeli woMphakathi aphuma ngqo kuMthethosisekelo ngakho-ke, zonke izinqumo azenzayo kumele zilandelwe njengoba zinjalo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...