UMengameli Zuma ukhalisane nemindeni yezisulu zesitimela

2018-01-06 13:47

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ukhalisane nemindeni yalabo abashone engozini enyantisayo eyenzeke eKroonstad phakathi kwesitimela neloli.

UMengameli Zuma uphinde wafisela ukwelulama okusheshayo labo abasinde kule ngozi.

“Sifisa ukwedlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintwe yilesi sigameko esibi.”

OLUNYE UDABA: Ababili bazibulele ngemuva kokuthola imiphumela ka-matric

“Lesi yisiqalo esingesihle onyakeni omusha ezweni. Sidale ukushaqeka nobuhlungu. Sicela abashayeli ukuba baqaphele ngaso sonke isikhathi njengoba sebebuya emaholidini,” kusho uMengameli Zuma.

Uphinde wathi izigameko ezinjena kumele zigwenywe yibona bonke abashayeli ngokuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo ngaso sonke isikhathi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...