Umengameli Zuma uhlela ukuyikhokha kanje imali ayikweletayo...

2016-07-31 11:02

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma nomndeni wakhe bakhethe ukuyinqaba iminikelo ephuma kubaxhasi nakumalungu e-ANC ukusiza umengameli akhokhe u-R7.8 million.

Le mali inqunywe yinkantolo ukuba ayikhokhe ngokulungiswa kwezinto ezingaphathelene nezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.

Umndeni wakwaZuma ukhethe ukuthatha isikweletu somuzi ebhange.

OLUNYE UDABA: Nkandla: UZuma nomndeni bahlomula

Lo mndeni ubumatasa uzama ukuthola le mali e-VBS Mutual Bank, okuyibhange elizigqajayo ngokuba yilona lodwa elingelabantu abamnyama kuleli.

Iphephandaba iCity Press lihoshe ezithi sekuseduze kufinyelelwe esivumelwaneni njengoba ibhange nommeli kaZuma, uMichael Hulley, bevumelene ngemibandela ethile eSandton ngoLwesithathu.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iCity Press.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...