‘Umengameli Zuma ufuna ukufaka uDlamini-Zuma kwesikaGordhan’

2017-01-21 15:29

Durban – UMengameli Jacob Zuma uhlela ukwenza izinguquko kwiKhabhinethi lakhe afake uNkosazana Dlamini-Zuma esikhaleni sikaNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan, kusho i-COPE.

Okhulumela iCongress of the People, uDennis Bloem, uthe iqembu likholelwa ekutheni kunohlelo olukhona lokuxosha uGordhan.

“Kunamahlebezi athi obhongoza bakho konke lokhu yi-ANCWL, ANCYL, iPremier League kanye nomndeni wakwaGupta.” 

OLUNYE UDABA: I-ANCYL eKZN ifuna uZuma ashintshe iKhabhinethi ngokushesha

Leli qembu lithi lilunywe indlebe yimithombo engaphakathi ku-ANC ukuthi umengameli uhlela ukwenza izinguquko kwiKhabhinethi lakhe ngokuthi asuse uGorhan afake uDlamini-Zuma.

“Siputshuzelwe nezithi isikhala sikaDerek Hanekom sizothathwa wuGordhan bese uHanekom abe yilungu lePhalamende elejwayelekile,” kusho uBloem.

Leli qembu lithi likholelwa ekutheni ukukhushulelwa kukaDlamini-Zuma kulesi sikhundla “kuyingxenye yohlelo lokumlungiselela ukuba athathe izintambo zokuba umengameli we-ANC nowezwe.”

UBloem uthi uZuma nobhululu bakhe benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayidla ngendlela abayithandayo imali yoMbuso.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...