UMengameli Zuma ufisele abantu iPhasika eliphephile

2017-04-13 18:00

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma ngoLwesine ufisele abantu baseNingizimu Afrika impelasonto yePhasika enezibusiso nephephile.

"Sekuyileso sikhathi sonyaka, isizini yePhasika, lapho iningi labantu baseNingizimu Afrika lizovakashela izindawo ezahlukene zokukhonza, beyozivuselela kanti abanye bazobe beyohlangana nemindeni yabo, abanye baya amaholidini,” esho esitatimendeni.

Uxwayise abantu abazothatha uhambo olude ukuba baqaphele emigwaqeni, bathobele imithetho, futhi bangaphuzi beshayela.

OLUNYE UDABA: UMablula umemezele ibamba elisha leNhloko yoKlebe

Ucele abantu ukuba bahloniphe amaphoyisa omgwaqo.

UNgqonmgqoshe omusha wezokuThutha uJoe Maswanganyi naye uhambe emazwini kaZuma esitatimendeni sakhe.

Ucele abantu ukuba bangaphuzi beshayela, wathi kumele bafase amabhande, kanti nabahamba ngezinyawo bangaphuzi bese behamba emgwaqeni.

Uphinde wanxusa abashayeli ukuba banciphise ijubane emgwaqeni, wathi abantu kumele bakhethe ukuphila kunokufa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...