UMengameli Zuma noDonald Trump baqinisekise eyokusebenzisana

2017-02-14 18:00

Pretoria – UMengameli Jacob Zuma kanye nozakwabo onguMengameli waseMelika, uDonald Trump, sebeqinisekise ukuzibophezela kwabo ekuqiniseni ubudlelwano osebukhona vele phakathi kwala mazwe womabili.

Laba bobabili baxoxisane ngalobu budlelwano ngesikhathi benengxoxo ocingweni ngoMsombuluko ntambama.

Lo mhlangano ubucelwe yiHhovisi likaMengameli waseMelika, iWhite House.

OLUNYE UDABA: UTrump ucele ukukhuluma noJacob Zuma

Lona bekuwumhlangano wokuqala phakathi kwalabo mengameli bobabili kusukela uTrump egcotshwe njengoMengameli waseMelika ngenyanga edlule.

UMengameli Zuma usebenzise leli thuba ukuhalalisela uMengameli Trump ngokukhethwa kwakhe njengoMengameli wesi-45 waseMelika.

La baholi baphinde baxoxa nangesidingo sokusebenza ndawonye ezintweni ezithinta umhlaba, ikakhulukazi imizamo yokudala uxolo kanye nobumbano ezwenikazi i-Afrika.

Ubudlelwano phakathi kwala mazwe womabili buqinile njengoba zilinganiselwa ku-600 izinkampani zaseMelika ezisebenza eNingizimu Afrika.

Ngale kwalokho, kubikwe nokuthi uTrump uphinde wafonela noMengameli waseNigeria, uMuhammadu Buhari.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...