Umengameli Zuma kumele aziqhelelanise nabakwaGupta – SACP

2016-03-17 13:33

Johannesburg – ISekela lesibili likaNobhala weSouth African Communist Party (SACP) uSolly Mapaila, useyalele uMengameli Jacob Zuma ukuba axebuke emndenini wakwaGupta.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iSekela likaNgqongqoshe wezeziMali uMcebisi Jonas ekhiphe ukuthi abakwaGupta bamenzela isiphakamiso sokuthi angene esikhaleni sikaNhlanhla Nene, kepha wanqaba.

OLUNYE UDABA: UMentor uthi unobufakazi ngolwakwaGupta

Ekhuluma ku-AM Live, uMapaila, owake waphakamisa ngaphambili ukuthi kuphenywe lo mndeni weziqumama, uhalalisele uJonas ngokutshengisa isibindi, kubika i-SABC.

"Sifuna ukususa insila ethile kwezebhizinisi kuleli. Kunokubukeleka phansi kwe-ANC, uhulumeni kanye nomphakathi okukhona.”

Khonamanjalo, isikhulu esiphezulu seCorruption Watch, uDave Lewis, uthi akamangali ngesinqumo sikaJonas ngoba ungumuntu ononembeza, kepha uthi ujabhile ukuthi lolu daba akalubikanga emaphoyiseni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...