UMengameli uzichithile izicelo zokuthi kuxoshwe uNgqongqoshe

2017-03-07 16:01

Durban - UMengameli Jacob Zuma uzichithile iziphakamiso ezithi akaxoshwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini, kubika iSolezwe.

Lezi zicelo zifakwe ngabamaqembu aphikisayo kulandela isixakaxaka mayelana nodaba lwezibonelelo zikahulumeni nempesheni yabadala.

Engxoxweni nomsakazo, uZuma uthe uDlamini angehlulelwa ngemuva kuka-Ephreli 1, okuwusuku lapho kuzobonakala khona ukuthi abantu bakuleli bazosithola na isibonelelo sikahulumeni noma cha.

“Ngeke kwenzeka ukuthi leli lizwe lingahluleka ukukhokhela abantu abadala impesheni yabo, nginxusa isizwe ukuba sehlise amaphaphu silindele usuku lokuhola,” kusho uZuma.

UZuma uthe kuyamkhathaza ukuthi abantu sebeqala ukwahlulela kulolu daba.

UZuma uphawule kanje ngemuva kokuthi inkampani ebikhokhela izimpesheni iCash Paymaster Services (CPS) ithe ayisiboni isizathu esingenza ingakwazi ukuholela abantu ngo-Ephreli 1 yize ingakasayinwa inkontileka entsha.

Lokhu kushiwo ngSerge Belamant oyisikhulu sakwaCPS othe balinde ukuthi kusayinwe inkontileka kuleli sonto emuva kokuhlangana nabakwa-South African Social Security Agency (Sassa).

OLUNYE UDABA:ISassa ihoxise isicelo ebisifake kweyoMthethosisekelo

UBelamant ukusho lokhu ohlelweni lwezindaba zomsakazo iRadio 702. Yize imimoya isephezulu kubantu emuva kokuba kuvele ukuthi asikasayinwa isivumelwano, uBelamant uthe awehle amaphaphu.

“Sikulungele ukuholela abantu ngo-Ephreli 1 futhi angisiboni isidingo setwetwe. Ngesonto eledlule sihlangane nabakwaSassa kwaba nemibandela ebekwayo mayelana nesivumelwano esisha. NgoLwesihlanu sihlangane nabameli ukuqedela inkulumo ukuze silindele ukusayina,” kuchaza yena.

Uthe isivumelwano esizosayinwa sisha njengoba esidala sichithiwe yiNkantolo yoMthetho-sisekelo. Yize inkontileka kudingeka idlule ezigabeni eziningi ukuze iphasiswe, uBelamant uthe kwehlukile kulokhu ngoba kuyaphuthunywa.

Njengoba kuke kwavela ukuthi amabhange nePosi baphumele obala bathi nabo bangaholela uma kunenkinga noCPS uthe yibona kuphela abangakwazi ukumelana nomthamo wezimpesheni.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...