Umengameli usememezele ukuthi uzoba yiholidi umhlaka-27 Disemba

2016-09-19 14:34

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma usememezele ukuthi umhlaka-27 Disemba uzoba yiholidi kulandela isicelo esenziwe yiFederation of Unions of South Africa (Fedusa).

IFedusa ithi yenze lesi sicelo ngenxa yokuthi abasebenzi bebezoba namaholi angu-11 esikhundleni sangu-12 kulo nyaka, lokhu kungenxa yokuthi uKhisimusi uzoba ngeSonto.

NgokukaSection 2(1) wePublic Holidays Act 1994, “uma iholidi lingeSonto, uMsombuluko olandelayo kumele wenziwe iholidi”.

OLUNYE UDABA: Bafuna yenziwe iholidi iMandela Day

Nokho-ke, vele umhlaka-26 Disemba uyiholidi, okusho ukuthi ngeke sikwazi ukuba namaholidi amabili ngosuku olulodwa.

IHhovisi likaMengameli libe selinquma ukwenza umhlaka-27 ube yiholidi khona izisebenzi zizothola amaholidi angu-12 ngonyaka.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sprinkles late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...