'UMengameli usekhathele yinhlebo namanga'

2017-09-15 11:01

Harare - UMengameli Mugabe usekhathele yinhlebo namanga, usefuna amalungu eZanu-PF abumbane, alungiselele ukhetho olungenazihibe lwangonyaka ozayo.

Okhulumela iZanu-PF, uSimon Khaya Moyo, ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu eqembu emahhovisi alo eHarare ngoLwesine.

UKhaya Moyo uthe udaba lobuhlanga kanye nokwahlukana phakathi akumele kubonakale kwiZanu-PF.

OLUNYE UDABA: Umka Mugabe uthi akashayanga muntu yena, kodwa wahlaselwa

"Amanye amalungu acabanga ukuthi asiza iqembu ngokufuna ukukhuluma noMengameli Mugabe ngaso sonke isikhathi. UMengameli usekhathele manje amanga nenhlebo. Lokhu akulisizi iqembu njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo,” esho.

"Uma siyiZanu-PF, siyiZanu-PF enoMengameli oyedwa. Kumele sithembeke kuMengameli kanye nohulumeni. Ukwahlukana phakathi kumele kuphele.”

UMoyo uxwayise amalungu eqembu ngokukhuluma nabezindaba kungenasidingo futhi ngaphandle kwemvume yeqembu ngoba lokhu kungadala uqhekeko ngaphakathi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...