UMengameli kaKhongolose uqinisekisa eyemfundo yamahhala

2018-01-13 11:44

eThekwini - Amalungu e-ANC ahlanganyele enkundleni yezemidlalo i-ABSA e-East London lapho kugujwa khona iminyaka engu-106 kwasungulwa le nhlangano.

UMengameli kaKhongolose uCyril Ramaphosa uthi bakhethe ukuhlanganyela lapha ngoba iyona ndawo enamaqhawe ale nhlangano yingakho bekuthokozele ukuba lapha.

Lo Mengameli uthi babona kukuhle ukuthi bazowubambela lapho lo mcimbi ukuze bahloniphe amaqhawe asalala.

Uthi okubalulekile abakuhlelayo kulo nyaka wukuvuselela isithunzi se-ANC kanye nokuqinisa ukubuyisana.

Uthi abafuni ukukhuluma ngobumbano kuphela kodwa kumele kube yinto eyenziwayo, kubonakale ngezenzo.

OLUNYE UDABA:I-Cosas ifuna kuxoshwe uNgqongqoshe wezeMfundo ngemiphumela ka-Matric eLimpopo

"Ukuze izinto zishintshe ngempela kuKhongolose, kumele sisebenze ngempela sibabonise abantu kukuthi siyaphambili,"kusho yena.

Uthi amalungu ale nhlangano abuye athatha isinqumo sokuthi kumele iphele inkombankombane, kuphele ukungazwani futhi kuphele nokubengazelelani.

Uthi inkomfa yangoDisemba ikhuphe isinqumo sokuthi lo mbutho kumele uhlangane, kuhlangane futhi namadlela-ndawonye kanye namanya amagatsha kaKhangolose baqinisekise ukuthi kuqiniswa lo mbutho kuwo wonke amagatsha ale nhlangano.

Kule nkulumo, uRamaphosa ubuye waqinisekisa nodaba olusematheni nolubucayi kakhulu kwabaningi, nokuwudaba lwemfundo yamahhala.

Lo mengameli uqinisekise inkulumo eyathulwa ngumengameli wezwe uJacob Zuma yokuthi labo abahlwempu nabathola iholo elingaphansi kuka-R350 000 ngonyaka emndenini bazothola imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...