Umdlavuza webele: Wazi kangakanani ngalesi sifo

2016-10-05 13:31

Durban - Inyanga yokuqwashiswa komphakathi ngomdlavuza webele siyivula ngomcimbini ohlelwe abe-Reach for Recovery eBotanical Gardens eThekwini.

Le nhlangano isebenzela ukweseka kanye nokukhuthaza abanalesi sifo, ababenaso kanye nalabo abanezihlobo ezinalesi sifo.

Kulo mcimbi bekuhlanganyele imbokodo kanye nabesilisa bekhuluma ngezimo abadlule kuzo ngalesi sifo.

Kule nyanga, sizoxhumana nezinhlangano kanye nabantu abahlukahlukene abanolwazi olungaba wusizo kuwena uma unalesi sifo, futhi ufunde nezindlela zokuzihlolela lesi sifo kanye nokweseka labo abanaso.

Izimpawu zomdlavuza wesibele yilezi:

• Isigaxa ebeleni (okungenzeka singabi buhlungu)

• Izinguquko ebukhulwini nokuma kwesibele

• Ukuba nezifaca esikhumbeni esibeleni okungenziwa isimila okuyiso esidonsa isikhumba.

• Ukuphuma kwento engajwayelekile engonweni

• Ukuvuvukala kwehlombe

• Ukuvuvukala kwekhwapha noma eduze kwentamo

Kunxuswa nabantu besilisa ukuba baluqaphele lolu hlobo lomdlavuza ngoba ucwaningo lubonisa ukuthi nabo bangaba nawo umdlavuza webele.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...