Umdlali weSundowns uqolwe izinkulungwane zamarandi

2016-03-15 13:31

Pretoria - Umdlali weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana waqolwa imali ecishe ibe uhhafu wezigidi zamarandi iqola lesimame ePitoli, kubika iTimeslive.

Lo mdlali odabuka eZebediela utshele amaphoyisa ukuthi wafaka imali engango-R425,000 kwi-akhawunti yebhizinisi yalo wesifazane ngethemba lokusebenzisana ekuthengeni ibhizinisi le-McDonalds.

OLUNYE UDABA:Unikwe ikhefu umdlali oshonelwe unkosikazi

Ngemuva kokufaka imali, lo wesimame waphela emehlweni futhi eseziba nezingcingo zikaKekana uma ezama ukuxhumana naye.

Ngokombiko wakhe, uKekana wavumelana nalo wesimame ukuthi uzolikhokhela leli bhizinisi ebelizozinza ePitoli. Ngemuva kweminyaka engezwa lutho kulo wesimame, lo mdlali ubone kungcono avule icala emaphoyiseni ase-Sinoville.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Morning clouds. Refreshingly cool. Bloem: 2-19°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...