Umdlali webhola ugwetshwe iminyaka engu-9 ngelokudlwengula

2017-11-24 19:24

Rome - Umgadli owayegijima ku-AC Milan nakuReal Madrid uRobinho ugwetshwe iminyaka engu-9 ebhadla ejele e-Italy ngemuva kokuba elahlwe yicala lokudlwengula ngokuhlanganyela nabanye abantu, kusho imibiko yabezindaba.

Lesi sigameko kusolakala ukuthi senzeka ngoJanuwari 2013, ngesikhathi lo mdlali odabuka eBrazil esadlalela iMilan. 

Wagojelwa yicala engekho enkantolo yase-Italy ngecala lokudlwengula owesifazane, 22.

Abangani abahlanu balo mdlali nabo babekwa icala elifanayo. Omunye wabasolwa unikezwe isigwebo seminyaka engu-9 naye kwathi icala lalaba abanye abane lahoxiswa ngoba basagcwele amathafa.

OLUNYE UDABA: Owayedlala ku-PSL ubhadle ejele ngelokudlwengula

Ngokusho kwephephandaba laseMilan iCorriere della Sera, uRobinho kanye nabangani bakhe bagxisha lo wesifazane ngotshwala "waze waba sesimweni sokuthi akasaboni lutho futhi akasakwazi kunqaba lutho".

Kuthiwa babe sebezibandakanya naye ocansini izikhawu eziningi beshintshana ngaye.

Inkantolo iphinde yayalela labo abalahlwe yicala ukuthi bakhokhele isisulu u-€60 000.

URobinho, okumanje udlalela i-Atletico Mineiro eBrazil, ubhale emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana u-Instagram noFacebook waveza ukuthi umsulwa wathi futhi uzimisele ngokusiphikisa isinqumo senkantolo.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...