Umculi weKwaito, 40 unesifiso sokwenza umatikuletsheni wakhe

2018-01-23 19:30

eGoli - UNokwazi Dlamini ongumculi we-Kwaito uthi unesifiso sokubuyela esikoleni eyoqedela umatikuletsheni akhe.

Le ntokazi eneminyaka engu-40 ubudala oculi ingoma ethi Inde noHeavy K uthi uhlela ukubuyela esikoleni ngemuva kweminyaka engu-23 ashiya phansi.

UDlamini wayeka isikole ngo-1995 ngemuva kokuphasa ibanga 11.

Uthi kudala enesifiso sokubuyela esikoleni. "Imfundo ibalulekile. Uma ngifisa ukwenza izifundo ezithile phesheya, ngizowudinga umatikuletsheni," kusho yena.

OLUNYE UDABA: Ukhuza ibuya 'uGC' kuZalo kulandela awokuxoshwa

Ebuzwa ukuthi wasiyekelani isikole, uDlamini uthi kwakungukusa kanye nokuvilapha kobungane.

"Bengifuna ukubuyela esikoleni kulo nyaka ngenze umatikuletsheni nendodana yami eneminyaka engu-17 ubudala, kodwa kuningi engibhekene nakho ngokumsebenzi okwamanje.

Le ntokazi ithi imatasa nge-albhamu yayo futhi ifuna nokukhipha incwadi. Ngale kwalokho ihlela ukuvula inkampani yokupheka lapho izoziphekela yona ngokwayo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...