UMchunu uthi bamninda ngobubende inyama engayidlanga

2016-10-03 14:29

Durban - OwayenguNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu-Natal uSenzo Mchunu uthi ngeke awuthathe umsebenzi wasePhalamende kuze kuhlanjululwe igama lakhe.

UMchunu utshele abe-Sunday Times ukuthi wawunqaba umsebenzi wasePhalamende ngoba i-ANC yamninda ngobubende inyama engayidlanga

Lo mholi uthi wayesolwa ngezinto ezingezona iqiniso ngaphambi kokuba akheshwe esikhundleni sokuba uNdunankulu.

OLUNYE UDABA;USenzo Mchunu thi uphoqwe ubuholi ukuba esule

Uthi ufuna ubuholi be-ANC buzwe olwakhe uhlangothi njengoba ubuholi bakwaZulu-Natal bathathela eLuthuli House beyodicilela phansi igama lakhe.

“Ngasula esikhundleni sami ngenxa yize bebengisola ngezinto okungezona iqiniso ngoba kwakubalulekile ukugcina isithunzi sami kanye nokuhloniphana kwinhlangano,”kusho yena.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...