UMchunu akakuboni okungavimbela uRamaphosa abengumengameli

2017-01-18 10:01

Johannesburg – Njengoba umbango wesokuhola i-African National Congress (ANC) usuya ngokushuba, lowo owayenguNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu, uthi akakuboni okungavimbela uCyril Ramaphosa abengumengameli olandelayo.

Lona owayenguSihlalo we-ANC eKZN ukhulume ne-Eyewitness News ngezinto ezahlukene, okubalwa kuzona nesimo seqembu elibusayo.

UMchunu waphoqwa ukuba esule esikhundleni sakhe ngonyaka odlule ngemuva kokwehlulwa nguSihle Zikalala embangweni wesokuhola i-ANC esifundazweni.

UMchunu uthi umkhuba osujwayelekile wokuthi iphini lithathe izintambo kumengameli, usulisebenzele kahle iminyaka iqembu elibusayo.

OLUNYE UDABA: UMnyango wezeMpilo uchitha izinsolo zesigole

Uthi uRamaphosa angakwazi futhi ukulungele ukuthatha izintambo kuJacob Zuma.

Ngesonto eledlule uMengameli Zuma kanye noNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe bazwakalisa uvo lwabo ngalolu daba.

UZuma wathi akuwona umgomo we-ANC ukuthi obeyiphini kube nguyena umengameli olandelayo.

Kodwa noma kunjalo, uMantashe uthe iqembu kumele uma likhetha iphini likubeke emqondweni ukuthi lizothatha izintambo ngokuhamba kwesikhathi.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...