'Umbulali nomdlwenguli' kulindeleke bavele enkantolo

2017-08-28 07:15

Pretoria – ‘Umbulali’ waseKatlehong ‘nomdlwenguli’ waseTshwane kulindeleke bavele ezinkantolo ezahlukene kuleli sonto, kusho amaphoyisa aseGauteng ngeSonto.

"Owesilisa waseKatlehong omataniswa namacala okubulala kanye nomunye waseTshwane omataniswa nawokudlwengula kanye nawokuphanga kulindeleke bavele eNkantolo kaMantshi ePalm Ridge neyasePitoli ngokulandelana kwabo,” kusho okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini.

Owesilisa waseKatlehong umataniswa namacala angu-9 okubulala kanye nawokuzama ukubulala enzeka kusukela noMashi nonyaka.

"Kwesinye isigameko, wahlasela umndeni onamalungu amane, kwabulawa nengane eneminyaka engu-9 ubudala kuleso sigameko esenzeka ngoMeyi nonyaka,” kusho uDlamini.

OLUNYE UDABA: Akakatholakali owesilisa omuke nomlwandle

Umsolwa waboshwa ngoJulayi esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eRondebult.

Ngaleso sikhathi watholakala nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni.

Khonamanjalo, owesilisa waseTshwane umataniswa namacala angu-17 okudlwengula enzeka e-Atteridgeville kusukela ngo-2014, amabili enzeka eSilverton ngoFebhuwari nonyaka kanye elinye lenzeka eMokopane.

Bobabili kulindeleke bavele enkantolo ngoMsombuluko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...