UMBONO: I-Generations akusesilo uhlelo ongalubuka nezingane

2017-07-22 12:01

Durban- Izakhamuzi zakuleli ziyakhala ngokuthi uhlelo olwaluyintandokazi iGenerations selushintshe kakhulu.

Abantu bathi lolu hlelo akusafanele ludlale ngesikhathi lapho imindeni ihleli ndawonye emakhaya ngoba okudlalwayo akuzifanele neze izingane.

NgoLwesihlanu abakwa-SABC bamemezele ukuthi ngeke idlale impinda yakuleli sonto, nokuyinto evame ukwenzeka njalo ngoMgqibelo.

I-SABC ithi kubenesikhalazo esifakiwe mayelana nalolu hlelo kanti kungenxa yalesi sikhalazo okwenze ukuthi banquma ukungaluphindi lolu hlelo ngempelasonto njengokujwayelekile.

OLUNYE UDABA:UMBONO: Alikho ihlazo ngokuthandana nendoda engasebenzi

Okhulumela lo msakazeli womphakathi uKaizer Kganyago uthe isikhalazo sithunyelwe kubo ngqo.

“Lo msakazeli womphakathi uzodlala isiqephu sokuqala se-Generations – The Legacy esangomhlaka 5 Disemba esikhundleni sesiqephu saleli sonto,” kusho uKganyago.

Nansi imibono yabafundi:

Zama Zyne Mngqithi Besesifile heyi thina sibuka nabantu abadala yazi uma sekuvela uTshidi uvele uzwe umalume esethi mshana uyi ayinile imoto usho lapho akanaso nesithuthuthu.

Maka Alunamda Lulonke Dingiswayo Hhayi nani bazali kuyanibulala ukuqina ngoba labantwana bayayazi lento ekhonjiswa kuleya Generations abanye bayiboniswa yinina emakhaya anoke nifake izikhalazo xa kuboniswa oBold.

Thabi Kahlelo Gumbi Mina nje amahloni eyami ina-7 yavele yathi ayboo mama lona umqabule wajuluka ngabe sengishilo yeyi thula wena ujuluke kwami ingaphindwa nje.

Preh TP Zwane Siyabonga uMfundi Vundla uguga kabi yazi kungani vele ethi eyikhehla elidala kangaka asibukise udoti kungcono isale ingasabuyi le-generations d legacy kubuye iGenerations yangampela kusakhona oDlomo noKhaphela.

Mvubu Sbonelo Masuku Ya khona lokhu abasibukisa khona amanyala uSmanga yena ungumshini wocansi nje ushaya kwasani. I-SABC yenze kahle impela ayangaziphinda leziqephu kodwa bafethu ngicela ning'ndlulisele umlayezo kuGetty bakithi ei..nkosi yam leyo-Full ...

Nomthandazo Poppy Manje thina esingalubonanga ucansi sesizolubona kanjan ngoba besimatasa bangazodakwa la vele nje sebeqalile ukephi umehluko

Mbaliano Enhle Khumalo Siyabonga hawu! Thina esibuka nabazali sekumele senze izinto ezingekho uma sekuvela uSmanga. Ayidlale ngo 12 ebusuku okungcono hhayibo ngeke phela.

Musa Ndosi Mnx abantu ngeke wazi bafunani! Bakhala kabi i-E.TV iyeka ukubonisa u-Emmanuel eyayingena ezinzulwini zobusuku! Babehlala onkabi badele ubuthongo, kodwa ngeziqeshana nje ze-Generations sebenza sengathi yinto abangakaze bayibone le...futhi umuntu!!!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...