UMbete usondeze usuku 'okuzokhishwa ngalo uZuma'

2018-02-14 16:01

Cape Town – USomlomo weNational Assembly uBaleka Mbete uthumele incwadi kumholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema emazisa ukuthi uthathe isinqumo sokusondeza usuku okuzodingidwa ngalo isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma.

Phambilini isiphakamiso besihlelelwe ukuba ngoFebhuwari 22, kanti manje sesizoba ngoLwesine, mhlaka-15 Febhuwari ngo-14:00.

Isitatimendeni esikhishwe yiPhalamende sithi isinqumo sikaSomlomo sithathwe ngemuva kokuxoxisana nohulumeni kanye noSotswebhu we-ANC.

OLUNYE UDABA: I-EFF ihlehlise eyokungabethembi ubuholi bukaZuma

Isinqumo sikaSomlomo kulindeleke sigunyazwe yikomidi elenza izinhlelo zePhalamende emhlanganweni oqale ngo-15:00.

UMbete uthe ukuvota ngeke kube yimfihlo.

I-ANC ngoLwesithathu imemezele ukuthi izovota kanye namaqembu aphikisayo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaZuma.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...