Umbani udlule nababili walimaza abangu-6 eNdwedwe

2017-03-16 14:02

Durban - Kushone abantu ababili kwalimala abangu-6 ngemuva kokushaywa wumbani emzini osendaweni iThafamasi, eNdwendwe, enyakatho yeTheku.

ISouth African Weather Service ithe izulu elibi lihlasele izingxenye eziseningizimu yaKwaZulu-Natal ngoLwesithathu ntambama.

Leli zulu lize lafinyelela naseGreytown, maphakathi nesifundazwe, naseNdwedwe.

OLUNYE UDABA: Umbani ubulale izinkomo ezingu-18

Kuphume isexwayiso ngezulu elibi ngoLwesibili enkundleni yezokuxhumana iTwitter. Lesi sexwayiso siphinde sabikwa futhi ngoLwesithathu ntambama.

Okhulumela i-EMS KwaZulu-Natal uRobert McKenzie uthe: "Umbani ushaye umuzi kwashona abantu ababili. Abosizo lokuqala banikele ngosizo ebantwini abayisithupha abathole ukulimala base bebaphuthumisa esibhedlela sendawo.

"Zonke izisulu ezibandakanyeke kulesi sigameko ngabantu asebekhulile."

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...