Umbani ubulale izingane zesikole eKZN

2017-10-24 14:04

Durban – Izingane zamantombazane ezimbili ezisafunda isikole zibulawe umbani zisendleleni ebheke esikoleni eMsinga, enyakatho yeKwaZulu-Natal, kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezidaba zoMdabu esifundazweni ngoLwesibili.

UNomcebo Shabalala, 8, no-Amahle Sithole, 13, bebesendleleni ebheke eMandlethu Primary School eBafuthi Village lapho benza khona u-Grade 2 no-Grade 6, ngokulandelana kwabo.

Ibamba likaNgqongqoshe woMnyango, uWeziwe Thusi, lichaze lesi sigameko sokufa kwezingane njengesithuse kakhulu umphakathi.

UThusi uthe isikhungo sezinhlekelele kuMasipala woMkhandlu eMzinyathi siyalelwe ukuba sisebenzisane kakhulu nemindeni eshonelwe.

OLUNYE UDABA: Umonakalo wesiphepho eThekwini ucishe ufinyelele ku-R600m

Uthe izigameko zokushona kwabantu bebulawa umbani ehlobo ziyanda ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu.

"Nakuba lesi kuyisenzo semvelo, siyinkinga ekhulayo, ikakhulukazi ehlobo, kudingeka ukuba sifunde ngezindlela zokuphila ngaphansi kwesimo sezulu esiguquka ngendlela engalindelekile,” kusho uThusi.

Uthe uMnyango, ngokubambisana nomasipala, uzoqhubeka nemikhankaso yokuqwashisa uphinde usebenzisane nezikole ukuqinisekisa ukuthi zihloma ngolwazi ngokumele kwenziwe ngale nkinga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...