UMbalula uthi amaphoyisa amqaphe ngeso lokhozi uGrace Mugabe emingceleni

2017-08-17 16:01

Pretoria – UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uFikile Mbalula, ngoLwesine uthe amaphoyisa aseqaphe ngeso lokhozi emingceleni yaseNingizimu Afrika unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uGrace Mugabe, uma kwenzeka ezama ukubaleka, eshiya izwe.

Ekhuluma eceleni lapho bekuqhubeka khona ingqugquthela ngodlame olubhekiswe kwabesifazane, uMbalula uthe sekuthathwe izinyathelo zokuqapha emingceleni yezwe, kodwa-ke, ubengakayenzi imizamo yokuthi ahambe.

“Thina, njengoSouth African Police, sesivele sesivimbe emingceleni mayelana nokushiya kwakhe izwe, ngakho awukho umbuzo ngalokho,” kusho uMbalula.

OLUNYE UDABA:Sekukahlanu uGrace Mugabe evulela ngesibhaxu emazweni

UMugabe usolwa ngokushaya unobuhle waseNingizimu Afrika, uGabriella Engels, kwelinye lamahhotela aseSandton ngempelasonto eyedlule.

Wayevakashele amadodana akhe nalapho okubikwa ukuthi wangena engasadle nkobe zamuntu egunjini labo wase washaya u-Engels, namsola ngokuhlala namadodana akhe – womabili aneminyaka elinganiselwa kwengu-20 nahlala eGoli.

UMugabe kusolwa ukuthi wanenebula u-Engels ngekhebula likagesi ebusweni kanye nasekhanda. Lo mkhangisi walimala kanzima kanti usevule icala lokushaya ngenhloso yokulimaza. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...