UMbalula usola uMantashe ngokuba yimpimpi

2016-11-20 11:01

Johannesburg - UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula usegxeke unobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe, waze wambiza nangempimpi, wathi akuyena umuntu asangamethemba ngoba umdibi munye nezimbangi.

Engxoxweni kaWhatsApp nabathile abasondelene noMengameli Jacob Zuma, uMbalula uzwakalisa indlela aselahlekelwe ngayo ukumethemba uMantashe.

UMbalula uqhube wathi i-ANC ayibadingi abaholi abafana naye.

OLUNYE UDABA: Bazosheshe bahole abathola isibonelelo sikahulumeni

Kule nkundla kaWhatsApp ebebexoxa kuyona kukhona abanye abaholi be-ANC, amalungu, abameli, kanye nezikhulu zezinkampani zikahulumeni okubalwa kuzona noDudu Myeni we-SAA.

Kuthiwa le nkundla abaxoxa kuyona kuWhatsapp yasungulwa ngenhloso yokuvikela uZuma.

Kumalungu ekomidi eliphezulu e-ANC, uMbalula kuphela okubukeka ekule nkundla.

Udaba oluphelele.

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...